News Avenue
News / Izindaba

KUXABENE UBENDLE EQENJINI LIKA VZ MAGWAZA

KUXABENE UBENDLE EQENJINI LIKA VZ MAGWAZA
Lindokuhle Ngcobo 

INGXOVANGXOVA eqenjini iNational Freedom Party (NFP) mayelana nesinqumo sokuphuma kuhulumeni wobumbano(GPU) KwaZulu-Natal (KZN). 

Lokhu kuhlela obala namuhla esithangamini sabezindaba saleli qembu, ebesiholwa uSihlalo walo kuzwelonke uMnuz Sibusiso Mkhabela, e-Edward Hotel, eThekwini. 

UMkhabela uthe iNFP isayingxenye kahulumeni wobumbano eKZN. 

"Njengoba sincoma uhulumeni waKwaZulu-Natal, yingoba iNFP iyingxenye kahulumeni, onoNdunankulu phakathi, onoNgqongqoshe phakathi. Sakhe uhulumeni wokuthi abantu baKwaZulu-Natal bakwazi ukuthola intuthuko. Uma uqhela kulo hulumeni bazoyithola kanjani abantu intuthuko, " kuchaza uMkhabela. 

UMkhabela ukhulume kanje nje,  ngesonto eledlule uMengameli weNFP uMnuz Ivan Barnes umemezele ukuthi leli qembu selithathe isinqumo sokuhoxa kuhulumeni waseKZN.

Waphinde(UBarnes) wamemezela ukuthi iqembu selikhethe ukumisa uSihlalo walo eKZN, uNksz Mbali Shinga, onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi eKZN.

 Ngesikhathi kuqhubeka isingathami sabezindaba kwelinye igumbi elikhona, e-Edward Hotel, uBarnes ubehola isigcawu sokuqondiswa kobugwegwe uShinga. Ngaphandle kwalelo hhotela, bekukhona abalandeli beNFP abeseka uShinga.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose