News Avenue
News / Izindaba

KUVULWE NGOKUSEMTHETHWENI ISIKOLE IJOY HOUSE ACADEMY

KUVULWE NGOKUSEMTHETHWENI ISIKOLE IJOY HOUSE ACADEMY
KUVULWE ngokusemthethweni isikole esizimele, iJoy House Academ  namuhla endaweni yaseMaphaya, eJozini.

Lesi sikole sinabafundi abangaphezulu kuka-400 kanti sakhiwe inhlangano iNational Empowerment Fund (NEF) ngoxhasomali luka R 24 million. I-Joy House Private School izoba noGrade 12 wokuqala ngonyaka ozayo 2026.

Ekhuluma kulo mcimbi uMnuz Mziwabantu Dayimani oyisikhulu esiphezulu kwaNEF uthe, kulesi sikole kuzophuma abaholi bezwe. Wathi ufuna ukubona lesi sikole sikhula.

"Asisebona abaxhasi nje, siyingxenye  yalesi sikole esihle kangaka. Sihlangane nomama uNyawo, wasitshela ngombono wakhe. Kukhona umbono owawukhona emndenini wakwaNyawo namuhla sibona lokhu kuba impumelelo," kusho uDayimani.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose