News Avenue
News / Izindaba

KUVELA UMKHWANAZI KWI MADLANGA COMMISSION NAMHLANJE

KUVELA UMKHWANAZI KWI MADLANGA COMMISSION  NAMHLANJE
Namhlanje kwiMadlanga Commission kulindeleke ukuthi kungene usigqoko wamaphoyisa osamisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi oyiDirector yeSpecial Services.

UMkhwanazi ubaleka ezenzweni zenkohlakala lapho asebenza khona eKurhuleni. Kuvela ukuthi uyena obefaka isigxivizo sokuthi uVusimuzi Cat Matlala izimoto zakhe zibe noBlue Lights kodwa kungazeki isizathu salokhu.

Kuphinde kuvele nokuthi ukuqasheka kwakhe kushayisa amakhala kanjalo nokunyuselwa kwabantu izikhundla.

UMkhwanazi ungena nje namhlanje izolo bekuno Ngqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, ozobuya kusasa ngehora lesibili.

Kulindele ukuthi uMkhwanazi aphinde acacisase ngonudlelwano bakhe noDr Mshazi obeyi City Manager khona eKurhuleni.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose