News Avenue
News / Izindaba

KUVELA UKUTHI IBMW BEYIFAKE IZINOMBOLO ZOMKOKOTHELO

KUVELA UKUTHI IBMW BEYIFAKE IZINOMBOLO ZOMKOKOTHELO
AMAPHOYISA KwaZulu-Natal aveze ukuthi imoto yohlobo lweBMW ibifakwe izinombolo okungezona ezayo. Le moto ibihamba abasolwa abathathu, kubo kuboshwe oyedwa kwafa ababili egaraji eliseWestville, eThekwini. 

 Kuvela ukuthi umsolwa oyedwa utholakale emotweni eshonile enamanxeba okudutshulwa, omunye umsolwa ushone ngemuva kokujomba ubonda olude, ethi uzama ukubalekela abomthetho. Kwathi umshayeli wemoto waboshwa ngamaphoyisa. Abasolwa bebejahwa onogada abazimele, abasusene nabo(onogada) emgwaqeni uM19. Ezingaqinisekisiwe zithi abasolwa bayathinteka  emacaleni okubamba abantu inkunzi emshinini wemali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthi abakwasidlodlo basaphenya mayelana nalesi sigameko esenzeke eWestville. 

"Okwamanje amaphoyisa asathole ukuthi imoto yohlobo lweBMW ibifake izinombolo okungezona ezayo. Kutholakale izibhamu ezimbili ngaphaka emotweni iBMW," kusho uNetshiunda.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose