News Avenue
News / Izindaba

KUTHUNGATHWA UMSOLWA ONGAPHANDLE NGEBHEYILI

KUTHUNGATHWA UMSOLWA ONGAPHANDLE NGEBHEYILI

LINDOKUHLE NGCOBO 

AMAPHOYISA acela usizo  emphakathini ukuba afuniswe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-20 ubudala. 

UZethembe Joyful Mzulwini owaziwa ngo "Zwe" waseMpusheni eFolweni eningizimu yeTheku. Kuvela ukuthi ngoJanuary 2025 lo msolwa waboshelwa ukutholakala nesibhamu  esingekho emthethweni nezinhlamvu. Wabe(uZethembe) esethola ibheyili, ngemuva kwalokho akabange esabuyela enkantolo. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo udalule ukuthi ngesikhathi lo msolwa engaphandle ngebheyili, kusolakala ukuthi ubulale izelamani ezimbili  zisekhaya lazo endaweni yaseMpusheni ngomhlaka 28 April 2025.

"Ngomhlaka 5 May 2025, iNkantolo yeMantshi yaseNsimbini yabe isikhiphe incwadi yokuthi lo msolwa aboshwe. Siyacela nanoma ubani ongabanolwazi lokuthi ukuphi lona wesilisa, axhumane  noDetective Constable Khuzwayo kunombolo ethi  082 3348 323  noma asebenzisa inamba yamaphoyisa ethi-08600 10111, engasebenzisa i-App yamaphoyisa ebizwa ngeMySAPS," kubeka uNgcobo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose