KUTHUNGATHWA ABABULELE ABABILI BALIMAZA ABANGU-7
Kuvela ukuthi abagilwa esingakaqinisekiswa isibalo sabo bebehlezi ngaphandle kwendlu ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lweMazda 3, kuyo okwehle abelisa ababili bavulela ngezulu lezandla bebhekise kubagilwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athungatha abasolwa abadubule abantu ababili balimaza abangu-7, abangeniswe esibhedlela.
"Kufe nenja ngesikhathi kuqhubeka lesi sigameko. Abagilwa abaphakathi kweminyaka engu-15 kuya kwengu-22 ubudala. Okwamanje ayikaziwa imbangela yokudutshulwa kwabagilwa nakuba kungeke kushiywe ngaphandle umbango wezidakamizwa," kuchaza uNetshiunda.