News Avenue
News / Izindaba

KUTHUNGATHWA ABABULALI ELIMPOPO

KUTHUNGATHWA ABABULALI ELIMPOPO
LINDOKUHLE NGCOBO 

UKHOMISHANA wamaphoyisa aseLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe useqale uphenyo lokuthungatha  ababulali, kulandela ukwanda kwezigameko zokudutshulwa kwabantu eLimpopo.

Lokhu kubalwa isigameko sakamuva esenzeke eWestenburg ngaphandle kwasePolokwane ngoLwesibili, lapho kudutshulwe kwabulawa abasilisa ababili abangaziwa, abalinganiselwa phakathi kweminyaka engu-30 kuya kwengu-40 ubudala.

Kuvela ukuthi bobabili abagilwa batholakale benamanxeba okudutshulwa,  omunye eboshwe izandla.  Abakwasidlodlo bathole amagobolondo ezinhlamvu, ijezi nemali endaweni yesigameko.

ULieutenant General Hadebe uthi amacala okubulawa kwabantu aphenywa uphiko lweProvincial Murder neRobbery Unit ukuze kuqinisekiswe ukuthi aphenywa ngokusezingeni eliphezulu. 

"Sicela noma ngabe ubani ongabanolwazi olungasiza ukukhomba izidumbu noma ukuthola abenzi bobubi  axhumane noWarrant Officer Phaladi Makola kunombolo ethi  082 749 2233 noma uColonel Richard Boshokane kunombolo ethi 079 894 5501. Ulwazi lungafakwa kunombolo yokunqanda ubugebengu ethi  08600 10111," esho.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose