News Avenue
News / Izindaba

KUTHUNGATHWA ABABULALI BOMFUNDI(16)

KUTHUNGATHWA ABABULALI BOMFUNDI(16)

LINDOKUHLE NGCOBO 

AMAPHOYISA athungatha abasolwa ababulale umfundi wentombazane oneminyaka  engu-16 ubudala.

Isidumbu sikaKhethokuhle Ncube obefunda ibanga lesi-9 esikoleni oGome High School sitholakale izolo  ngakubo endaweni yakwaMnqadi, KwesakwaMthethwa ngaphansi kaMasipala uMfolozi. Lo mfundi unyamalale ngoLwesine mhlaka 31July ephume kubo ethi uyothenga i-airtime wangabe esabuya.

Iphini likaMeya kaMasipala waseMfolozi uKhansela Timothy Biyela uthi sekufana nenhlekelele ukubulawa kwabantu besifazane kuwadi 8 awuholayo, njengoba eveza ukuthi ngowesi-11 lo mfundi esibalweni sababulewe.

"Sithemba ukuthi siwumphakathi sonke sizobambisana namaphoyisa ukuthola ukuthi ubani obulale ikusasa lengane encane kangaka. Kuvamisile ukuthi abantu besifazane bahlukumezeke njengoba ngithi lona ngowesi-11futhi uyena omncane kunabo bonke. Isikhathi esiningi laba abake bahlukumezeke bavamisile ukuhlukunyezwa omathandana babo abasuke bethandana nabo kodwa layikhaya asisho ukuthi kunjalo ngoba akukaboshwa muntu, amaphoyisa asaphenya," kubeka Biyela.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose