News Avenue
News / Izindaba

KUTHOLAKALE ISIDUMBU ESONAKELE EHLATHINI LASE PALMVIEW

KUTHOLAKALE ISIDUMBU ESONAKELE EHLATHINI LASE PALMVIEW
LINDOKUHLE NGCOBO 

INDIDA kutholakala isidumbu somuntu wesilisa esonakele ehlathini  lasePalmview,  Phoenix namuhla.

Kuvela ukuthi onogada bakaRUSA bebelandela umkhondo wesidumbu esisehlathini. Kulandela ukumiswa ngowesifazane emgwaqeni uR102, ePalmview. Lo wesifazane utshele onogada ukuthi ngoLwesihlanu mhlaka 29 August 2025 ubone umuntu oshonile ehlathini.

Lo wesifazane udalule ukuthi usemise izimoto zamaphoyisa amahlandla amabili, ewabikela ukuthi kunesidumbu somuntu esisehlathini. Ngokusho kwalo wesifazane abakwasidlodlo bamutshele ukuthi bazobuya kodwa bangabuya(abakasidlodlo).

Nebala ngesikhathi lo wesifazane etshela abakaRUSA bayile ehlathini nokuyilapho bethole isidumbu sowelisa sesonakele. Umufi utholakale egqoke isikibha esi maroon, iblukwe elimnyama nemasokisi amanyama.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose