News Avenue
News / Izindaba

KUSOLWA UBUDEDENGU KUSHONA ABAHLANU ENGOZINI

KUSOLWA UBUDEDENGU KUSHONA ABAHLANU ENGOZINI


LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSOLWA ubudedengu bomshayeli engozini enyantisa igazi okushayisane kuyo iveni nemoto encane, kwashona abantu abahlanu emgwaqweni uR66 eNyezane, eGingindlovu izolo ebusuku. 

Kuvela ukuthi kwabahlanu abashonile kubalwa nezingane ezimbili, eneminyaka engu-3 ubudala nenezinyanga ezimbili ubudala, ebebehamba ngemoto encane. Kule ngozi kulimale abantu abangu-7 kubo okukhona nezingane ezine ezingaphansi kweminyaka engu-14 ubudala.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Ndabezinhle Sibiya  udalule ukuthi imoto encane yohlobo lweHyundai Grand i10 ibithwele abantu abangu-8, isuka eThekwini ibheke KwaNongoma. Wathi Imoto yesibili iveni iFord Ranger LDV ibibheke eGingindlovu ithwele abantu abane.

"Uphenyo luveza ukuthi umshayeli weFord Ranger uhlulwe ukuyilawula yaphaphalaza yashiyisa iHyundai Grand i10 ngaphambili. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini yezisulu," kubeka uSibiya.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose