News Avenue
News / Izindaba

KUSHONE ABATHATHU KWALIMALA ABAYISITHUPHA KWEYELOLI NEVENI

KUSHONE ABATHATHU KWALIMALA ABAYISITHUPHA KWEYELOLI NEVENI
Lindokuhle Ngcobo 

KUDLULE emhlabeni abantu abathathu  kwalimala abasebenzi basemgwaqweni abahlanu, ngesikhathi kutholana phezulu iloli neveni emgwaqeni uN3, eNtshongweni entshonalanga yeTheku namuhla.

Kuvela ukuthi ngemuva kokuthi iveni lishayisane neloli, libe(iveni) seliphaphalaza lishayisa umgoqo womgwaqo. Nokuyilapho iveni lishayise khona abasebenzi  maqede lavutha amalangabi.

Kule ngozi kuphinde kwalimala kabi umshayeli weloli. Bonke abashonile bebehamba ngeveni. Ayikaziwa okwamanje imbangela yale ngozi amaphoyisa asaphenya.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose