News Avenue
News / Izindaba

KUSHONE ABAFUNDI ABATHATHU KWALIMALA ABANGU-11 ENGOZINI YASEMBALI

KUSHONE ABAFUNDI ABATHATHU KWALIMALA   ABANGU-11 ENGOZINI YASEMBALI
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSHONE abafundi besikole abathathu kwalimala abangu-11 engozini eyenzeke namuhla endaweni yaseMbali, eMgungundlovu.

Le ngozi  yenzeke ngesikhathi itekisi ebithwele abafundi iphaphalaza iphuma ngaphandle komgwaqo uT6 yayoshayisa isakhiwo senkulisa. Ngenhlanhla abafundi basenkulisa kade bedlala ngaphandle kwesakhiwo ngesikhathi kwehla lo mshophi.

Ngeshwa abafundi ebebekade bethwele itekisi babeyizisulu kule ngozi. Mubi umphumela wale ngozi njengoba kudlule emhlabeni izingane eziphakathi kweminyaka engu-9 kuya kwengu-11 ubudala. Abalimele baphakathi kweminyaka engu-9 kuya kwengu-15 ubudala. Kuvela ukuthi ababili basesimeni esibucayi kanti abayisishagalolunye balimale kabi.

Imbangela yale ngozi ayikaziwa kodwa amaphoyisa athathe umshayeli olimele esimongo ukuyomphenya kabanzi ngale ngozi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose