News Avenue
News / Izindaba

KUSHONE ABABILI ENGOZINI EYENZEKE KWASWAYIMANE

KUSHONE ABABILI ENGOZINI EYENZEKE KWASWAYIMANE

LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSHONE abantu ababili ngesikhathi kugingqika imoto ebebehamba ngayo, eweni kwaSwayimane, ngaphandle kwaseMgungundlovu, izolo.

Laba batholakale namuhla ngemuva kokuthungathwa amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo ngendiza enophephela emhlane.  Okwamanje ayikaziwa imbangela yale ngozi, kuyo okudlule emhlabeni  uMama Shabalala obeshayela imoto noNksz Lona Madlala obengumfundi wakaGrade 12. 

Kuvela ukuthi le moto, uNksz Shabalala obengumama okhulisa izingane yedwa, uyithengelwe(imoto) izingane zakhe ngonyaka odlule (2025) zimbonga ngokuzikhulisa.


UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uthi kubuhlungu ukudlula emhlabeni kwabantu besifazane  ngosuku lwabo(abesifazane). Wadalula ukuthi ithimba lezimo eziphuthumayo lisebenze kanzima ukutakula izisulu, njengoba zitholakale endaweni engu-800 ukuya phansi.

"Ngiyalele ithimba lami ukuba lihlelele amalungu emndeni osonhlalakahle, ukuze ezothola ukwelulekwa ngobuchwepheshe," kubeka uDuma.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose