KUSHIYA INGCITHA BUCHOPHO KU KHOZI FM
Ubenengosi ebizwa ngeJadu le Afrika naphinde wayishintsha wayibiza ngokuthi iKhosombe lezingcitha buchopho.
Iningi labalaleli boKhozi FM beliyithokozela kakhulu le ngosi.
UKhoza uveze ekhasini lakhe laku X ukuthi njengamanje uzimisele ngokugxila ezifundweni zakhe njengoba enza iMasters in musical theatre.
Uphinde abe umculi, abaningi bamthanda kakhulu ngomculo wakhe awubiza ngamahubo.