News Avenue
News / Izindaba

KUSASA UNTULI UZOBHEKANA NEVOTI LOKUNGABETHEMBI UBUHOLI BAKHE LIVELA KWI MKP

KUSASA UNTULI UZOBHEKANA NEVOTI LOKUNGABETHEMBI UBUHOLI BAKHE LIVELA KWI MKP
IMKP esishayamthetho seyiphakamise ukungabethembi ubuholi buka Ndunankulu wesifundazwe, uThami Ntuli.

Ifuna lolu daba ludingidwe ngoLwesine, lona lolu lakusasa. Leli qembu lithi uNtuli waqamba amanga ngohambo lwakhe lwaseMelika, wathi lidle imali yabakhokhi bentela uR700 000 ekubeni kwaba imali edlulile ku 2 million. Iveze ukuthi ilungu leSishayamthetho akumele liqambe amanga ngoba lisuke lifungile. 

Kanti iMKP iphinde ithi uNtuli uqashe abantu abajwayelene naye kuleli hhovisi likaNdunankulu abanye asuka nabo  eKing Cetshwayo.

Ukungabethembi ubuholi baNtuli buzodingidwa kube sekuba nevoti lamaqembu amelelekile ephalamende.
Njengamanje kune EFF, ANC, DA, NFP, IFP nayo iMKP.
I-IFP, DA, NFP ne-ANC bakuhulumeni wokubambisana kumbe babambisene kulohulumeni okhona. Kungenzeka ithwale kanzima iMKP uma ivoti lingayona imfihlo. Okunye okungayenza ithwale kanzima ukuthi eMkhanyakude kunamahlebezi athi uSphile Mdaka uyabuya njengeMeya nokuyinto ebeyikhalisa kakhulu i-ANC.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose