News Avenue
News / Izindaba

KUQHAKANJISWE INHLONIPHO KUKHUNJULWA USHENGE

KUQHAKANJISWE INHLONIPHO KUKHUNJULWA USHENGE
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSHUNYAYELWE ivangeli lenhlonipho nokubambisana emcimbini wokuvula ngokusemthethweni idlinza likaMntwana waKwaPhindangene Inkosi uMangosuthu Buthelezi, KwaPhindangene, eMahlabathini, izolo. 

Uhulumeni waKwaZulu-Natal (KZN) oholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, wethule indlinza likaMntwana njengendawo yokugcina amagugu. 

UButhelezi wazalwa uMntwana uMagogo kaDinizulu, ngomhlaka 27 August 1928, wakhothoma mhlaka 9 September 2023. UShenge ubeyiNkosi yesizwe saKwaButhelezi ethatha isihlalo sikayise Inkosi uMathole Buthelezi. UMntwana ubenguNdunankulu kaZulu isikhathi eside, ngaphansi kweSilo uBhekuzulu kaSolomon, Isilo uZwelithini kaBhekuzulu neSilo uMisuzulu kaZwelithini. UMntwana wasungula iqembu lezombusazwe i-IFP ngesikhathi sobandlululo, alihole ePhalamende kusukela ngo-1994 kuya ngo-2019, wahola(uMntwana wakwaPhindangene) uhulumeni waKwaZulu, wabanguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya.

Ekhuluma kulo mcimbi uNtuli uchaze uMntwana waKwaPhindangene njengomholi obethanda ukuthula noxolo. 

"Ubefuna ukubona isizwe sihlangene siphila ndawonye ngale kokubhekana ngokwebala, ngale kokubheka ngokwesimo somcebo nangokwesimo semfundo. Ubefuna sithandane, sihloniphane. UMntwana ubekugqamisa ukuthi kumele usihloniphe isikhundla salowo oyimbangi yakho,

"Ubani obengazi ukuthi uMntwana ubengumholi weqembu eliphikisa uKhongolose, kepha phezu kwalokho ubungeke ukhulume sakudelela ubhekise koMengameli bezwe. Kusukela kumhlonishwa uDkt Nelson Mandela, umhlonishwa uThabo Mbheki, umhlonishwa uJacob Zuma nakumhlonishwa osiphathele izwe njengamanje uMnuz Cyril Ramaphosa. UMntwana ubekwazisa ukuhlonipha nokuzihlonipha kwipolitiki," kubeka uNtuli. 

Indodana kaMntwana wakwaPhindangene Inkosi uZuzifa Buthelezi nayo ihambe emazwini kaNtuli, yaveza ukuthi uMntwana ubekwazi ukuzakhela indawo ezinhlizweni zabantu. 

"Sike sithi uMntwana ubenesiphiwo sokuthola indawo ezinhlizweni zabantu futhi ubengaphumi ezinhlizweni. Njengoba nilapha nje, ingoba uhlezi ezinhlizweni zenu kuze kube manje. Ingakho ngisho abantu bemuhlambalaza  esendlinzeni, ngeke bakususe okusezinhlizweni, uthando eninalo ngoMntwana nothando naye(uMntwana wakwaPhindangene) abenalo ngani. Bekuthi uma bemncoma ethi ngabe akayilutho ngaphandle kwabantu," kubeka Inkosi yaKwaButhelezi.

Iphetha Inkosi inxuse abakhuluma kabi ngoShenge ukuba bakuyeke lokho. Izeseka ngelithi uMntwana ukwenzile okuhle esasemhlabeni manje makayekwe aphumule ngokuthula. 

Lo mcimbi ubuhanjelwe umndeni waKwaButhelezi, iNdlunkulu kaZulu, Amakhosi aseNdlunkulu, Amabutho, osomabhizinisi, uNgqongqoshe wezokubusa nokubambisana nezomdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa, iPhini likaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Mkhuleko Hlengwa, amalunga ePhalamende kuzwelonke okubalwa awe-IFP, ANC, DA, EFF nawe-MK Party, amalunga esishayamthetho eKZN neziMeya zoMasipala baseKZN.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose