News Avenue
News / Izindaba

KUPHENYWA IMBANGELA YENGOZI YETEKISI NELOLI KU-N3 EBERGVILLE

KUPHENYWA IMBANGELA YENGOZI YETEKISI NELOLI KU-N3 EBERGVILLE
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSHONE abantu abane engozini enyantisa igazi, eyenzeke ngesikhathi kushayisana itekisi neloli emgwaqweni uN3, eBergville  namuhla. 

Abezimo eziphuthumayo namaphoyisa basendaweni yesigameko ukuphenyajjn̈ĺ ngembangela yale ngozi. Kunxuswa abashayeli bezithuthi ababheke  eGauteng abahamba kulo mgwaqo okwenzeke kuyo le ngozi, ukuba bashayela ngokucophelela.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uyiqinisekisile le ngozi, waveza ukuthi okwamanje usanolwazi lokuthi le ngozi idlule nemiphefumulo engu-4. Wadalula ukuthi ithimba lakhe liphezu komsebenzi wokuthola imindeni yabashonile.

"Ngicela abashayeli bashayele ngokucophelela ngoba sonke sinenselelo yokwenza isiqiniseko sokuthi kuphelile emgwaqeni. Ucwaningo liveza ukuthi izingozi ezingu-87% zidalwa ubudedengu babashayeli," kuchaza uDuma.

Le ngozi yenzeke nje, ngesonto eledlule kushone abantu abayisithupha, engozini yeloli elithwala umoba nemoto encane emgwaqweni uN2 eMatikulu. Kwabashonile kubalwa nabahlanu basemndenini owodwa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose