News Avenue
News / Izindaba

KUPHENDULEKE UMBUZO IGAGASI FM LIPHEFUMULA NGO FELIX

KUPHENDULEKE UMBUZO IGAGASI FM LIPHEFUMULA NGO FELIX
Kuphendule umbuzo omkhulu ukudedela kweGagasi FM isitatimende esimayelana nomsakazi walo, ongena ohlelweni lwasekuseni, i-Uprising, uFelix Hlophe.

Ngempelasonto esiphuma kuyona uFelix ubesematheni ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yesigameko esenzeke ngokhisimusi phakathi kwakhe nonkosikazi wakhe uTracy Hlophe.

Kwi video esabalale ezinkundleni zokuxhumana uFelix uzwakala njengomuntu ozolanda unkosikazi nezingane, okuvela ukuthi babalekele komakhelwane ngesikhathi bexakazisana.

UFelix uzwakala ethi ufuna izingane zakhe kanti futhi akazimisele ngokuhamba nomamezala. Uphinde azwakale egxeka nomuzi ababalekele kuwona.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi uma ungumuntu, kukhona okwenzayo empilweni uyohlezi uhlanganiswa nakho. Abantu uFelix  bamazi njengomsakazi weGagasi FM, nobesekuholela ekutheni bazibuze ukuthi lomsakazo uthule uthini ngesenzo sikaFelix, kwazise nawo lomsakazo, ligcina lingcola igama lawo uma omunye wabasakazi enza okuphambene.

IGagasi FM seliphawulile ngomlomo womkhulumeli wesiteshi, uKhulekani Shandu. Uthe uFelix bazomnika isikhathi sokuhlaba ikhefu, aze abuye ngo January 19
 "Njengoba ezobe engekho isikhala sakhe sizokube sibanjwe uHeazy. Njengoba bekulindeleke ukuthi angene ngomhlaka 31 ehambisana noLinda Sibiya  kanjalo noSelby Mkhize, sekuzoba Linda noSelby kuphela abazobamba uhlelo," kucacisa uShandu.

INews Avenue ikhulumile noShandu, ibuza ukuthi engabe into ekhona yini le noma kuqhutshwa uhlelo lukaFelix lakwithelevishini. UShandu uphendule ngamafuphi wathi, bekungabe kungcono kakhulu ukuba bekuyisimo esinjalo.

Esitatimendeni lomsakazo uveze ukuthi usazosicubungula lesi simo sikaFelix kodwa okwamanje akukho okutheni ongakuphawula ngaso.

Yize kube nalesi sigameko kodwa unkosikazi kaFelix ubonakala njengomuntu oseyidlulise yonke lento. Ikhona ivideo lapho ebonakala enoFelix ezimamathekela engathi akukakaze kwenzeke lutho.
UFelix uzwakala ethi, awu abantu sebethukuthela sebedlula umnikazi wendaba.
Akukhona okokuqala lo msakazo ubhekana nenkinga ngenxa yabasakazi bawo. 
UMinehle Ntuli osakaza naye uFelix uke wazithola esenkingeni, bethi abamudle bamfele abalaleli balo msakazo. IGagasi FM lamkhipha emoyeni kwathi sekwehle imimoya wabuyiswa. Njengamanje imimoya iphezulu njengoba lolu daba selungenwe nayizinhlaka ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazana. Lona likhona ithemba lokuthi kungathi kushaya u 19 January abantu babe sebekhohliwe uFelix, sebebheke okunye. Isibonelo kuphuma imiphumela ka matric, kuno January 8, icommission kaMadlanga kanjalo ne Ad hoc kuyabuya, kune African Cup of Nations, kuningi nje. Kodwa kuzobonakala.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose