News Avenue
News / Izindaba

KUPHELILE NGABAFANA ABAHLE KWI GAGASI FM

KUPHELILE NGABAFANA ABAHLE KWI GAGASI FM


INews Avenue ngokomthombo wayo ongashayi phansi, ingakuqinisekisa ukuthi kuphelile ngohlelo obelwenziwa uDJ Sonic ebambisene noKhaya Mthethwa, iMidday Connexion.

Laba bobabili bebedume kakhulu kubalaleli ngokuthi bangabafana abahle, bephinde bethi, imnandi iradio emini.

Umthombo weNews Avenue othembekile uthe, kuxoxwa ngokushintshwa kwezinhlelo nje, uKhaya Mthethwa kudala wakuveza ukuthi ngeke esaqhubeka nalolu hlelo.

Kanti uSonic kuvela ukuthi angase atholelwe olunye uhlelo. Amahemuhemu angaqinisekisiwe athi, lolu hlelo luzokwenziwa uMzo Gumede oke wasakaza kulo msakazo kanti njengamanje okwi Vuma FM lapho enza khona uhlelo lwantambama.

Kulona iGagasi FM, kuvela ukuthi lingase lilaxazwe uFelix Hlophe owethula uhlelo lwasekuseni kwiGagasi FM. INews Avenue ingakuveza ukuthi lo msakazi uke waba nezingxoxo noKhozi FM.

Abasondelene nalesi simo sebeke bakuveza ukuthi ukuvela kwezindaba zokuthi uLinda Sibiya angase ajoyini iGagasi FM kumenze wangahlaliseka kahle.

Ngesikhathi INews Avenue ithinta isikhulu seGagasi FM mayelana nokuthi iphuma nini iLine up. Uphendule wathi okwamanje bamatasa namalungiselelo omcimbi abavamise ukuwenza uma bezomemezela izinguquko. Wale waphethe ukupotshozela iNews Avenue ukuthi obani elizoba nabo abasha njengoba kuqala unyaka omusha.

Khonamanjalo kuKhozi FM, ngaphandle kokubikwe INews Avenue izolo ngoDudu Khoza, Sipho Mbatha, Lucky Moloi, Sphongo Dladla, Nkosinathi Mshengu. Njengamanje kuvela ezokuthi uMandla Mdletshe usulile kulo msakazo kodwa  yena uqashwe ngokuphelele. Uma kwenzeka usebenzisa lolu daba singakuthokozela  ukuthi ukuveze lokho.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose