News Avenue
News / Izindaba

KUNXUSWE AMADODA KA ANC UKUTHI AYEKE UKUHLEBA

KUNXUSWE AMADODA KA ANC UKUTHI AYEKE UKUHLEBA
Sizwe Blose 

Kuphume izinkumbi zabantu kufihlwa uNtombifuthi Cheryl Sisoka, eLamontville, lapho okukade kubekwe itente elikhulu.

Inkonzo yokuphelezela uCheryl iqale ngamalungu omndeni kanjalo nalabo ebebesondelene naye. Kukhulume umngani wakhe omkhulu uNtokozo Ndunge, ochaze ukuhlangana kwakhe noCheryl, okube wudaba oluthinte abantu abaningi.
Kuphinde kwangena uNto Majozi ongomunye wabangani baCheryl abakhulu. 

Uchaze uCheryl njengomuntu obefika amtshele konke, bekufana nokuthi uthululela kuyena konke okumhluphayo
 "Ngaphambi kokuthi ashone uthe usedinga ukuthula, lokhu ekusho ephindelela," kuchaza uNto athi kanti ubesevalelisa kuyena.

UMusa Nciki uthe uCheryl ubengasabi ukuveza umbono wakhe, etshela amadoda.

 "Kodwa amadoda wona ebengamtsheli ngqo, abemhleba. Ngithi mina amadoda e-ANC awayeke ukuhleba," kusho uNciki.

Lomcimbi kade uhanjelwe ubuholi bukazwelonke, obesifundazwe, owesifunda kanjalo nobuholi bamagatsha.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose