KUNXUSWA UMPHAKATHI UKUBA USIZE KUTHOLAKALE INTOMBAZANE (17) ENYAMALELE
Kucelwa umphakathi ukuba usize kutholakale intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, uDelight Chiringo Yandah. Le ntombazane, engumfundi kamatric (Grade 12), ugcine ukubonwa ngunina kubo ku-Old Main Road, e-Umhlali ngeSonto, mhlaka 20 September 2026, ngehora lesi-08h30 ekuseni.
UYandah uhamba kubo ebheke emtholampilo eGroutville Clinic, eGroutville kodwa akabange esabuyela ekhaya. Unina uzamile ukumshayela ucingo ngezikhathi zehora loku-13h00 ntambama lapho ucingo belukhala khona lungabanjwa, kwathi ngokuhamba kwesikhathi lwagcina lungasangeni selucinyiwe.
Incasiselo ngomzimba wakhe: ubude, ingu-1.57 (1.57m), ngokomzimba uphakathi nendawo (akekho mncane kakhulu), Unamehlo ansundu (brown) nebala elinsundu, Akanaso isibazi noma umdwebo womzimba (tattoo). Ngokusho kwabomndeni, ngesikhathi egcina ukubonwa ubegqoke ingubo eluhlaza satshani (green), ijakhethi emnyama, namasandals ansundu. Izinwele zakhe zimnyama, futhi omakhalekhukhwini (amafoni) amabili kanye ne-powerbank.
Kucelwa noma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekutholakaleni kukaYandah ukuba asheshe athinte amaphoyisa noma abomndeni kule nombolo yocingo: 086 1234 333.