News Avenue
News / Izindaba

KUNXUSWA ABASHAYELI UKUTHI BASHAYELA NGOKUCOPHELELA

KUNXUSWA ABASHAYELI UKUTHI BASHAYELA NGOKUCOPHELELA
LINDOKUHLE NGCOBO

UMCULI KaMaskandi uKhotha SA usenxuse abashayeli bezithuthi ukuba bashayele ngokucophelela emgwaqeni.

 Kulandela ukudlula emhlabeni kwamagidangoma akhe amane, engozini eyenzeke eBergville ngeSonto. Kule ngozini kushone abantu abahlanu kubalwa nothisha. 

Namuhla uKhotha unikele ekhasini lakhe lakuFacebook waxwayisa abashayeli bezithuthi ukuba bagawule babheke emgwaqeni. 

"Bafowethu nishayele niqaphele iyaphela imndeni yabantu emgwaqeni, asihlonipheni umgwaqo isililo esingaka emndenini angikhoni nokubhekana nabazali babafowethu ngoba bese bethembe mina ngezingane zabo," kubeka uKhotha. 

Lo mculi ulahlekelwe uMnotho "Nkunzevava" Mngomezulu oneminyaka engu-2 ubudala obethandwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, Thabile Mahlangu(21),  Lungelo Makhungo (14), noMusa Mngomezulu.

UKhotha uphakamisa lesi sexwayiso nje, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Siboniso Duma  uveze ukuthi kunzima kulesi sifundazweni njengoba kudlule emhlabeni abantu abangaphezulu kwabangu-20 ngenxa yezingozi zomgwaqo ezahlukene. 

Kubalwa ingozi eyenzeke kwaDlangezwa ngeSonto, edlule nabantu abane kubalwa nezelamani zakwaFakude ezintathu. Kube ingozi eyenzeke KwaMpumuza, eMgungundlovu ngoMsombuluko ebusuku edlule nemiphefumulo eyisikhombisa. 

"Sithukile futhi asikholwa ngoba izingozi zomgwaqo eziningi zenzeka ngempelasonto nangoMsombuluko. Sithemba ukuthi uxhaso lukahulumeni nelomphakathi waKwaZulu-Natal lizoqinisa imindeni ikwazi ukubhekana nesimo," kubeka uDuma.

Ephetha uDuma udalule ukuthi uMnyango uzimisele ukuvakashela yonke imindeni elahlekelwe amalungu ayo, ukwenza isiqiniseko sokuthi afihlwa ngesizotha.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose