News Avenue
News / Izindaba

KUNXUSWA ABAFUNDI UKUTHI BAQAPHELE IZIKOLE ZOMGUNYATHI

KUNXUSWA ABAFUNDI UKUTHI BAQAPHELE IZIKOLE ZOMGUNYATHI
Lindokuhle Ngcobo 

KUNXUSWA abafundi abafuna izikhala ezikhungweni ezizimele, ukuba baqaphele izikhungo ezingombombayi.

Lesi sexwayiso sikhishwe uDkt Makhapa Makhafola weSouth African Qualifications Authority (SAQA) ngesikhathi ekhuluma nenhlangano yezindaba i-eNCA. 

UMakhafola uthi ngaphambi kokuba abafundi babhalise esikhungweni, kubalulekile ukubheka ukuthi isikhungo sibhalisiwe ngaphansi koMnyango wezeMfundo ePhakeme. Wathi ngisho ngabe isikhungo esizimele kodwa kumele sibhaliswe ngaphansi koMnyango.

"Okwesibili kumele ubheke ukuthi izifundo zabo zibhalisiwe. Lezi zinto engizibalayo kumele uzifice odongweni lesikhungo. Uma zingekho, ungacela inamba ababhalise ngayo kwaSAQA, uzozibhekela. Abafundi bangavakashela iwebhisathi yoMnyango wezeMfundo ethi: https://www.dhet.gov.za noma yakwaSAQA ethi https://services.saqa.org.za/," kuchaza uMakhafola.

Lesi sexwayiso siphuma nje ngoMsombuluko mhlaka 12 January 2026, kulindeleke ukuthi kukhishwe ngokusemthethweni imiphumela ka-Matric 2025.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose