News Avenue
News / Izindaba

KUNGASE KUBHEDE KU RADEBE NO MABUYAKHULU

KUNGASE KUBHEDE KU RADEBE NO MABUYAKHULU
UNobhala Jikelele we-ANC usephumele obala ngabaholi beProvincial Task Team yalenhlangano KwaZulu Natal ukuthi ayikho lendaba yabo.

UFikile Mbalula ubekhuluma esithangamini sabezindaba kwiNational General Council, izolo eBirchwood Hotel, eBoksburg.

Lobu buholi bePTT buholwa uJeff Radebe noMike Mabuyakhulu.
INews Avenue Podcast ike yaba nengxoxo ekhethekile noMabuyakhulu lapho eyambuza khona ngengxabano okuthiwa ikhona phakathi kwakhe noRadebe, waphika walala ngomhlane.

 UMbalula ukusho kwacaca ukuthi, "sithume abantu ukuthi bayohola abantu bayise i-ANC phambili, abantu babuyelwe nayithemba bona balwa bodwa. Sizobuhlakaza ubuholi obukhona, ngoFebruary sizobe  abasha abazohola iPTT ye-ANC KwaZulu Natal,"kusho uMbalula.

Imizamo yokuthola uMabuyakhulu noRadebe ayiphumelelanga.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose