News Avenue
News / Izindaba

KUNAMAPHINI OKUNGACACI UKUTHI AHOLELWELANI EMAPHOYISENI

KUNAMAPHINI OKUNGACACI UKUTHI AHOLELWELANI EMAPHOYISENI
LINDOKUHLE NGCOBO 

Awucaci umsebenzi owenziwa amaphini kaNgqongqoshe wamaPhoyisa.

Lokhu kucace bha kwi Ad Hoc Committee, ephenya ngenkohlakalo emaphoyiseni.

 Namhlanje kuphekwa ngemibuzo uCassel Mathale oyiPhini likaNgqongqoshe. Ubuzwe ukuthi wenzani njengePhini likaNgqongqoshe, uMathale uvele wangena ezintangeni kwangacaca ngempela ukuthi wenzani.

 Uze wabuzwa nosuku lakhe ukuthi luhamba kanjani kusukela ekuseni, wavele wathi banohlelo lwenyanga kodwa akasho  ukuthi wenzani nephini lakhe. 

Kulomnyango kunamaphini amabili, kube uNgqongqoshe osamisiwe kube uNgqongqoshe osabambili, kuke kwaba nanoGwede Mantashe. Bonke laba badla imali kahulumeni.

Khonamanjalo sekuvele ukuthi wasithatha yedwa isinqumo sokuhlakaza uphiko lwamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki(PKTT) KwaZulu-Natal uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu. 

Lokhu kuvezwe iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Cassel Mathale namuhla ngaphambi kwekomiti lasePhalamende, eKapa. 

UMathale utshele ikomiti ukuthi uMchunu wenza okungajwayelekile ngesikhathi ehlakaza lolu phiko.

"Wakhuluma nami ngesiphakamiso sokuhlakaza uphiko lwamaphoyisa eliphenya ngokubulawa kosopolitiki (PKTT). Ekugcineni wasithatha yedwa isinqumo sokuhlakaza lolu phiko," kubeka uMathale.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose