News Avenue
News / Izindaba

KULINDELEKE UKUTHI UZUMA AMEMEZELE IZINGUQUKO KWI MKP NAMUHLA

KULINDELEKE UKUTHI UZUMA AMEMEZELE IZINGUQUKO KWI MKP NAMUHLA
Kuzothi namhlanje umholi we MKP, uJacob Zuma abe nesithangami sabezindaba.

 Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma usanda kunqumela ugwayi katiki uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi esule esikhundleni.

 Kuze kube yimanje uRamaphosa akakesuli.
Kulindeleke ukuthi uZuma asho ukuthi uzokwenzani okulandelayo uma uRamaphosa engasuli esikhundleni kuze kushaya isikhathi sokukhuluma nabezindaba. 

UZuma ukhala ngokuthi uRamaphosa waphula eminye yemithetho ekumthethosisekelo ngokumisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu abe esefaka omunye uNgqongqoshe iFiroz Cachalia. Lokhu ukutolika ngokuthi sekunoNgqongqoshe ababili. Nathi kuphambene nomthethosisekelo wakuleli.

Ngakolunye uhlangothi, kulindeleke ukuthi agcizelele udaba lokuthi sebezobizana ngamaComrade hhayi ngoCommander.

 Abaningi bakholelwa ukuthi uzomemezela noNobhala omusha njengoba engekho owavala isikhala sikaFloyd Shivambu ngesikhathi echithwa.

Sibhekwe ngabovu lesi sithangabi okulindeleke ukuthi sibe ngabo 14. 00 ntambama namhlanje
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose