KULINDELEKE IMVULA ENAMANDLA EZIFUNDAZWENI EZINHLANU
Esithangamini sabezindaba, isangoma sezulu, uLehlonono Thobela uthe, kuzoba nezimvula kulamaholidi. "Ngiso nangokhisimusi kanjalo nango New Year abantu bangalindela izimvula," kuchaza uThobela.
Unxuse abashayeli ukuthi kuzomele baqaphele kakhulu baphinde babike nezihlahla ezizobe ziwiswe imvula.
Ubale iKZN, Eastern Cape, Limpopo, Mpumalanga neGauteng njengezinye zezifundazwe ezizophazamiseka. Kanti e-Eastern Cape imvula enamandla ishiye kukhalwa, kwaphephuka nophahla ezindlini eziningi.