News Avenue
News / Izindaba

KULINDELEKE AMABHOMU WODWA KWABAZOFAKAZA NAMHLANJE

KULINDELEKE AMABHOMU WODWA KWABAZOFAKAZA NAMHLANJE


Amehlo abantu baseMzansi azobe ethe njo kwithelevishini. Namhlanje kulindeleke ukuthi Brian Mogotsi, osondelene kakhulu noNgqongqosge wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu, avele kuMadlanga Commission.

 Kulindeleke ukuthi ahlale izinsuku ezimbili. UMogotsi kulindeleke ukuthi asekele lokho okwakushiwo uMchunu, aphinde adalule namagama alabo abasizwe ngemali uVusumuzi Cat Matlala.
Kanti lingase lingasali igama likaNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula.

Kwenzeka konke lokhu nje esikhathini esingakanani uMogotsi usanda kusinda bezama ukumbulala, eVosloorus, abanye abantu bashaya amakhala ngalesi sigameko.

Namhlanje futhi phambi kwePhalamende, amalungu e-Ad Hoc Committee azobe ehlohla ngemibuzo Mary de Haas, naye igama lakhe elingasali ndawo. Kuzothanda ukushuba namhlanje.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose