KULIMALE ABABILI IMOTO ISHAYISA ISIHLAHLA
Kulimale abantu ababili ngesikhathi imoto ebebehamba ngayo ishayisa isihlahla emgwaqeni uKerk Street, eVeyheid namhlanje.
Kuvela ukuthi izisulu zithole ukulimala okubucayi, okuhlanganisa izinsolo zokulimala ezifubeni kanye nokuphuka kwamathambo. Abosizo lokuqala baphuthume endaweni yesigameko ukuzisiza, ngaphambi kokubadlulisele esibhedlela esiseduze ukuze bathole ukwelashwa okusezingeni eliphezulu.
Amaphoyisa aseqalile ukwenza uphenyo olunzulu ngembangela yale ngozi.