News Avenue
News / Izindaba

KUKHUTHAZWA UKUNAKEKELWA KWEMVELO

KUKHUTHAZWA UKUNAKEKELWA KWEMVELO

LINDOKUHLE NGCOBO 

KUGQUGQUZELWA umphakathi ukuthi uhloniphe imvelo. 

Lokhu kwenzeke namuhla  ngesikhathi inkampani iMondi, abafundi, othisha noMasipala uMthonjaneni bebungaza inyanga yokutshala izihlahla.

 UMeya waseMthonjaneni uKhansela Mbangiseni Biyela neMondi bavakashele izikole zaseMthonjaneni. Lo mbungazo uqale eNtuthuko Primary School, kwaNxusa High school, Mthonjaneni High school  naseThubalethu Primary school. 

UBiyela ukhuthaze abafundi ukuthi banakekele izihlahla ngoba zimqoka kakhulu ezimpilweni zabantu. 

"Kuwuhlelo olwenziwa umhlaba wonke ukukhuthaza indima edlalwa isihlahla, ikakhulukazi lezi ezinomthunzi nokubaluleka kwaso empilweni yomuntu," kubeka uBiyela.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose