News Avenue
News / Izindaba

KUKHUTHAZWA ABESIFAZANE UKUBA BAPHUMELE OBALA NGOKUHLUKUNYEZWA

KUKHUTHAZWA ABESIFAZANE UKUBA BAPHUMELE OBALA NGOKUHLUKUNYEZWA
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUGQUGQUZELWA abantu besifazane ukuba babike uma bebhekene nenkinga yokuhlunyezwa.
Lokhu kuvezwe uMeya kaMasipala uMlalazi, uKhansela Queen Xulu emcimbini wokubungaza abesifazane nokubakhuthaza ukuthi benzekahle eTown Hall, eShowe ngoLwesibili.

Ekhuluma kulo mcimbi uXulu uthe bewuMkhandlu baqhuba izinhlelo zokuqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. 

"Sinabo osonhlalakahle, siyabathatha asebedlule esimeni sokuhlukunyezwa beyolulekwa ngokwengqondo. siyabaluleka nokuthi amacala avulwa kanjani. Le emakhaya uthole ukuthi umuntu kade aqala ukuhlukunyezwa kodwa akazi ukuthi uzobika kuphi. Kwesinye isikhathi uthole ukuthi uyesaba nokuyikhuluma indaba yokuhlukumezeka kwakhe," kubeka uMeya uXulu.


Ephetha utshele abesifazane abangafuni ukubika ngezigameko zodlame ngoba bethi bavikela othandiweyo babo, ukuba bakuyeke(abesifazane) lokho bamele iqiniso.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose