News Avenue
News / Izindaba

KUKHULU OKUFISWA INKOSI YAMABOVU NGESIZWE SAYO

KUKHULU OKUFISWA INKOSI YAMABOVU NGESIZWE SAYO
INkosi yesizwe sabaMbovu ifisa ukuletha ushitsho esizweni sayo.


INkosi Emaul Musawenkosi  Ngubane oyiNkosi yesizwe samaMbomvu, eMsinga, uhlale esihlalweni sobukhosi kulonyaka ngoJune emva kokuthi iNkosi emzalayo yaKhothama eminyakeni eyedlule.

UNdabezitha uMbovu usemncane ngokweminyaka njengoba eneminyaka ewu 31 ubudala kodwa  izinto azifisela isizwe sakhe ungaze ufunge ukuthi umuntu osekhulile.

INkosi ithi iyafisa ukubona intsha yakulendawo iqhubeka idlala ibhola, njengoba iningi letsha lendawo ichitha isikhathi esiningi ezitolo. Uqhube wathi, bona ngezikhathi zabo babedlala ibhola belusa nezikomo zoyise babo, yingakho bengazange bengene ezintweni ezibhedayo njengoba isikhathi esiningi bebesichitha ezinkundleni zemidlalo.

UNdabezitha uthe uyafisa kakhulu ukuthi isizwe samaMbovu silime sibe namasimu njengoba iningi labantu baseMsinga bephila ngokutshala. Wathi angakuthokozela kakhulu naye ukuthi isizwe sakhe silime njengoba emaningi amasimu akhona kodwa ehleli engenzi lutho, uveze nokuthi uke wavakashela uNgqongqoshe wezoLimo uNksz Thembeni Madlopha eyocela ukuthi elekelele umphakathi wakulesizwe. INkosi Ngubane uthe, uNgqongqoshe wafika ezobona lendawo waphinde waphosa nesandla njengoba sekukhona amasimu asevukile osekuliywa kuwo esigodini saseWolwane. UNgqongqoshe waphinda wathembisa ukubuya nethimba lakhe ngonyaka ozayo ukuze kuzoqhubeka kulinywe.

UMbovu utshele iNews Avenue ukuthi uyafisa ukuthi kube nenxanxathela yezitolo ukuze umphakathi ukwazi ukucosha amathuba omsebenzi. Uthi futhi umphakathi wakulendawo uma uyothenga ezitolo kudingeka ukuthi uyogibela amatekisi njengoba zingekho izitolo ezinkulu abangathenga kuzo. 
Wathi isifiso sakhe esikhulu ukuthi kusondele abatshali zimali  bezokwakha izitolo ukuze umphakathi uzosizakala.

Uthi okumjabulisa kakhulu ukuthi sekukhona nesiteshi samaphoyisa esakhiwayo ngakho makungakhiwa izitolo abukho ubugebengu obungenzeka njengoba kukhona nabakwasidlodlo.

Ngakho unxenxa osomabhizinisi abafisa ukuletha izitolo ezinkulu ukuthi basondele.

UNdabezitha uphethe ngokuthi kukhona i- One Stop kodwa ayisasebenzi kahle. Ngakho uyafisa ukuthi isebenze ukuze umphakathi ukwazi ukuthola usizo eduze njengoba kulendawo kukhona iminyango kaHulumeni eyahlukene okubalwa uHome Affairs noDSD.

Uthe uyafisa ukuthi nakulesakhiwo kube neSoup Kitchen lapho kuzodla khona abangacoshi entweni   njengoba eminye yemindeni idla imbuya ngothi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose