News Avenue
News / Izindaba

KUKHONA ABATHATHWE AMAPHOYISA NGOKUBULAWA KUKA DJ WARRAS

KUKHONA ABATHATHWE AMAPHOYISA NGOKUBULAWA KUKA DJ WARRAS
Sekukhona abathathwe amaphoyisa ngokubulawa kukaDJ Warras. Inhloso yokuthathwa kwabo ukuthi bayohlonywa ngemibuzo okumayelana nokubulawa kuka Warras.

Kodwa lokhu akusho ukuthi sebenecala kodwa kuzozwakala lapho ukuthi bayathinteka ekufeni kwa Warras noma cha.
UWarras ubulawe ngoLwesibili, ubenenkampani yabaqaphi. Ubephinde abe umuntu ongahambisani nokuthathwa kwamabhilidi ngodli.

Udutshulwe wafa ngaseCarlton Centre, eGoli.
Khonamanjalo i-ANC isikhiphe isitatimende esigxeka ukubulawa kuka Warras nokuthi abenzi bobubi kungakuhle babanjwe baboshwe.
Okwamanje bekungakocaci ukuthi ufihlwa nini kanti nenkonzo yesikhumbuzo inini kuphi.
UWarras ungowase Vryheid, KwaZulu Natal. Uzakhele udumo ngokuba kwithelevishini nokusebenzela imisakazo ehlukene.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose