News Avenue
News / Izindaba

KUKHALWA NGABOKUFIKA ENINGIZIMU AFRIKA

KUKHALWA NGABOKUFIKA ENINGIZIMU AFRIKA
IQEMBU i-ActionSA eThekwini selifake isiphakamiso kuMasipala weTheku, mayelana nodaba lwabantu bokufika, abakuleli ngokungekho emthethweni.

USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal(KZN), ohola amakhansela aleli qembu eThekwini, uKhansela Zwakele Mncwango uthi kuningi ukukhala okukhona emphakathini waseThekwini ngomthelela wabantu bokufika,  abakhona kuleli ngokungekho emthethweni. Wathi kukhona nokukhalaza ukuthi uhulumeni noMasipala weTheku badonsa izinyawo ekulungiseni lolu daba.

"Sibonile izinhlaka ezifana neMarch and March ne-Operation Dudula, bengena emgwaqeni beyokhalaza ngezimo ezikhona ezidalwa abantu bokufika abangenazo imvumo. Sibona abaholi bedonsa izinyawo uma belalele izikhalo noma bezomukela izikhalo. Ingakho njenge-ActionSA sicela ukuthi kube khona ukuhlangana kwabantu abathintekayo okubalwa, uMnyango wezaseKhaya, amaphoyisa, abaqaphe imingcele, osopolitiki, osomabhizinisi, abaholi beNdabuko, March and March ne-Operation Dudula," kubeka uMncwango.

Lesi siphakamiso kulindeleke ukuthi sivotelwe kusasa, emhlanganweni wamakhansela e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose