News Avenue
News / Izindaba

KUHLUKENE IMIBONO NGENKONTILEKA KA MKHWANAZI

KUHLUKENE IMIBONO NGENKONTILEKA KA MKHWANAZI
Sizwe Blose

Konke sekusele kuMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngodaba lokuvuselelwa kwenkontileka kaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi.

Kulindeleke ukuthi iphele inkontileka kaMkhwsnazi ngoMarch. Konke kulele kumengameli ukuthi usamdinga noma uyamchitha yini.

Undunankulu wesifundazwe uThamsanqa Ntuli usekubeke kwacaca ukuthi usamdinga uMkhwanazi njengoba ekholelwa ekutheni wenze umsebenzi omuhle selokhu athatha lesi sikhundla.

INews Avenue iphumele ngaphandle yabuza abantu ngoMkhwanazi. UCindy Mtolo (31) waseMontclair uthe yena uwubonile umsebenzi kaMkhwanazi "Behlile ubugebengu ngabe siyanyatsa uma singathi asiwubonanga umsebenzi kaKhomishana," kubeka uMtolo

UThabani Dlamini (44) waseMlazi uthe, umengameli ngabe wenza elikhulu iphutha uma engayivuseleli inkontileka kaMkhwanazi," kusho uDlamini.

USbu Mdluli (25) wakwaNongoma kodwa ngokuhlala oseThekwini, naye uthe akabuye uMkhwanazi ngoba uyazigijimisa izigebengu," kusho uMdluli.

UThembi Dubazane (43) waseNtuzuma uthe, akali ukuthi uMkhwanazi usebenzile kodwa waveza ukuthi lelizwe linomthetho. Uma amaphoyisa elwa nobugebengu, kumele abophe, abantu bavele enkantolo bagwetshwe ngoba savalwa isigwebo sentambo.

USbongile Mngadi (37) umncome kakhulu uMkhwanazi kodwa wakhala ngokuthi uhlulekile ukubopha laba bantu ababizwa ngoMastermind. Uthe ubugebengu nokubulawa kwabantu kusazoqhubeka uma bengakobanjwa oMastermind.

USfiso Ndebele (28) uthe uMkhwanazi uhluleke wancama ukunciphisa izibhamu ezigcwele kulesi sifundazwe, wakhala ngokuthi kunabantu abagadwa ngezibhamu ezinkulu, ezingaziwa nanokuthi zisemthethweni yini kumbe sezibulale abantu abangaki.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose