News Avenue
News / Izindaba

KUHLEHLELE ULWESITHATHU UKUHLALA KUKA MATLALA KWI AD HOC COMMITTEE

KUHLEHLELE ULWESITHATHU UKUHLALA KUKA MATLALA KWI AD HOC COMMITTEE
Usihlalo we-Ad Hoc Committee, uSoviet  Lekganyana uthi konke sekumi ngomumo ngokuhlala kwaleli komiti noVusumuzi Cat Matlala okubhekwe ngabovu.

Abaningi bebecabanga ukuthi ukulalelwa kobufakazi bukaMatlala kuzoba namhlanje kodwa kubuye kwahlehliselwa uLwesithathu (kusasa).

Inhloso yaleli komiti ukuthola kahle ngenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni.

 Lokhu kulandela inkulumo eyenziwa uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJuly 6. Ngalolu suku kwacaca bha ukuthi inkohlakalo idla lubi emaphoyiseni kanti futhi inuka phu.

ULekganyana uthe konke sekumi ngomumo, leli komiti lizokube liqala ukuyohlalisa isigcawu salo ejele, njengoba beya eKgosi Mampuru. Kuzokhumbuleka ukuthi uMatlala uboshelwe kuleli jele ngokuzama ukubulala isinqandamathe sakhe. Usihlalo wekomidi ubonge iziphathi mandla zejele ngokusebenzisana okuhle nekomiti lakhe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose