KUGQABUKE IGODA KU TSHATHA NO MCINEKA NGE MPUCUZEKO
Lezi zindaba ziqinisekiswe uTshatha namuhla ekhasini lakhe likaFacebook. Lo msakazi ubhale kanjena, "Emva kweminyaka eyishumi nambili ngingomunye wabahleli nomunye wabasunguli balo mcimbi, Impucuzeko Maskandi Festival. Sengithi khumu ekubeni ingxenye yawo,".
UTshatha akaphumelanga obala ngesizathu sokuhoxa kulo mcimbi kodwa kunezinsolo zokungaboni ngasolinye phakathi kwakhe noMcineka. Lokhu kwenzeka nje uTshatha usandukwenza umcimbi wakhe obeyimpumelela, iTshatha Music Festival, KwaNongoma ngonyaka odlule.