KUFUNWA UMSHAYELI WETEKISI EBELITHWELE ABAFUNDI
KUTHUNGATHA umshayeli wetekisi ebelithwele abafundi besikole odle phansi ngemuva kwengozi okulimale kabi abafundi abangu-21. Lokhu kwenzeke ngesikhathi itekisi liwa ebhulohweni elingamamitha amahlanu ukuyaphansi, eStoffelton, eMgungundlovu namuhla.
Kule ngozi kulimale izingane zesikole eziphakathi kweminyaka engu-8 kuya kwengu-15 ubudala. Bonke abafundi abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela. Kusolakala ukuthi umshayeli ubaleke ngaleso sikhathi. Kubafundi abalimele kukhona abaseLuthando High School, Matomela High School naseSthunjwana Primary School.