News Avenue
News / Izindaba

KUFUNWA UMSHAYELI ODALE INGOZI WABALEKA

KUFUNWA  UMSHAYELI ODALE INGOZI  WABALEKA

LINDOKUHLE NGCOBO 

KUTHUNGATHWA umshayeli wetekisi odale ingozi maqede wabaleka. Le ngozi yenzeke emgwaqweni uR34  phakathi kweMpangeni neShowe namuhla.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma usegxeke isenzo salo mshayeli sokubaleka endaweni yesigameko, ukushayela budedengu nokushayela ephuze utshwala.

"Lesi senzo sifake engcupheni izimpilo zabagibeli abaphakathi kwabangu-9 kuya kwabangu-14. Ngokomthetho kuwubugebengu ukubaleka endaweni yengozi obandakanyeka kuyo. Lento eyenziwa ilo mshayeli iyafana nokushayisa umuntu umbulale maqede ubaleke," kusho uDuma.

Ngokusho kukaDuma, umshayeli waleli tekisi ebelisuka eMpangeni libheke eMasangweni,  belizama ukusika imoto iFord Ranger lase lishayisa(Ford Ranger) ngemuva. Lokhu kuholele ekutheni izimoto ezimbili  ziphume ngaphandle komgwaqo. 

Ephetha uNgqongqoshe uveze ukuthi  lo mshayeli angase athola isigwebo sezinyanga ezingu-9 noma ehlawuliswe imali engu-R180 000.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose