News Avenue
News / Izindaba

KUFUNWA ABASOLWA ABABILI NGELOKUBAMBA INKUNZI ENEWLANDS WEST

KUFUNWA ABASOLWA ABABILI NGELOKUBAMBA INKUNZI ENEWLANDS WEST

AMAPHOYISA athungatha abasolwa ababili ngecala lokubamba inkunzi umnikazi wethaveni eseHoneyrich, eNewslands West izolo, ebusuku.

Leli cala seliholele ekutheni amaphoyisa adubule abulale abasolwa  abathathu khona eNewslands West. Kuvela ukuthi umgilwa ubesavalile, esekhiya ngesikhathi ehlaselwa ngabesilisa abahlanu bemkhomba ngesibhamu.  Nokuyilapho abasolwa bethathe omakhalekhukhwini, utshwala nesamba semali esingadalulwanga maqede babaleka ngemoto yohlobo lweToyota Etios emhlophe. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza ukuqinisekisile ukubulawa kwabasolwa abathathu.  Wadalula ukuthi abasidlodlo basathungatha abasolwa ababili ababaleke ngezinyawo.

"Abasolwa banqabile ukuma ngesikhathi bemiswa ngamaphoyisa. Imoto yabasolwa ibe isigijima kakhulu  ibalekela amaphoyisa. Amaphoyisa abe eseyijaha imoto yabasolwa, kuthe emva
 kwesikhashana, abasolwa bama baphuma emotweni baphuma badubula bebhekise emaphoyiseni," kuchaza uMagwaza. 

"Amaphoyisa ngokuvikela izimpilo zawo adubulile abhekise kubasolwa. Lapho khona kubulawe abasolwa abathathu basale enkundleni.  Amaphoyisa athole  isibhamu esincane,  omakhalekhukhwini,  amabhodlela katshwala ahlukane nemali," kubeka uMagwaza.

Wathi kuvulwe icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe, ukuzama ukubulala amaphoyisa nokuba nesibhamu esingekho emthethweni.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose