News Avenue
News / Izindaba

KUFUNWA ABADUBULE ABATHATHU BEHLEZI EMOTWENI

KUFUNWA ABADUBULE ABATHATHU BEHLEZI EMOTWENI
Lindokuhle Ngcobo 

AMAPHOYISA aseSamora Machel athungatha abasolwa abadubule abathathu, eSamora Machel esifundazweni iWestern Cape namuhla. 

Kuvela ukuthi abagilwa bahlaselwe ngesikhathi behlezi emotweni yohlobo lwe-Ertiga Suzuki. 
Kulesi sigameko kushone abagilwa ababili, abaphakathi kweminyaka engu 16 nonengu 21 ubudala, kwathi umgilwa wesithathu oneminyaka engu 19 ubudala waphuthunyiswa esibhedlela. 

Asaziwa okwamanje isizathu sokuhlaselwa kwabagilwa. Abomthetho basaphansi phezulu bafuna abasolwa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose