News Avenue
News / Izindaba

KUFEZEKA IPHUPHO ABAFUNDI BEHLOMULA NGEZINSIZA ZOKUFUNDA

KUFEZEKA IPHUPHO ABAFUNDI BEHLOMULA NGEZINSIZA ZOKUFUNDA
LINDOKUHLE NGCOBO 

INJABULO kuSihlalo weNkungumathe NPO, uMnuz Mthokozi Mchunu kuqala ukufezeka kwephupho le nhlangano yakhe. 

Lokhu kulandela ukuphumelela komcimbi  wokudlulisela ngokusemthethweni ama-laptop angu-269 kubafundi abangaphansi kohlelo lokuqeqeshelwa umsebenzi nokuthola ulwazi namathebhulethi angu-250 kubafundi abenza ibanga leshumi nambili(Grade 12).

Ekhuluma kulo mcimbi eNkungumathe, eNkandla izolo, uMchunu uthe intsha ehlomula kulolu hlelo ivela ezindaweni zaKwaZulu-Natal ezahlukene, ebala isiFunda iKing Cetshwayo, uMzinyathi, Zululand, uThukela, uMkhanyakude, Amajuba neHarry Gwala.

"Sibonga kakhulu nakuhulumeni wethu, ukuthi avule iminyango, abantwana bakwazi ukuthola indawo yokucija amakhono. Sijabule kakhulu siyiNkungumathe ngoba siyakubona lokhu esasikusungulela inhlangano ukuthi kuyafezeka. Okujabulisa kakhulu ukuthi akufezeki ngathi kuphela, kufezeka ngomphakathi, kufezeka ngohulumeni, kufezeka ngabaholi bethu boMdabu njengoba kugcwele Amakhosi azokhombisa ukuthi ayawubona umehluko owenzeka ezindaweni zawo," kuchaza uMchunu. 

Lo mcimbi uhanjelwe iPhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi nabaSebenzi kuleli uMnuz Jomo Ntuthuko Sibiya.

USibiya uncoma umsebenzi owenziwa uMchunu ukuthuthukisa intsha. 

"Lolu hlelo luzoshintsha ikusasa lentsha, lizoshintsha ikusasa labazali, lizoshintsha indawo yonke. Uma lezi zingane sezifundile, zafunda kahle zinezinsiza zokufunda, kuchaza ukuthi zizoshintsha izimpilo zemindeni yawo," kubeka uSibiya.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose