News Avenue
News / Izindaba

KUFE ABABILI KUSHA IMIJONDOLO

KUFE ABABILI KUSHA IMIJONDOLO
Kusolwa ikhandlela kusha imijondolo kuKennedy Road, eThekwini.
Kuvela ukuthi lomlilo uqale ngezikhathi zabo 12, ezintatha namuhla.

Kuthiwa leli khandlela liqale kweminye yemijondolo ekhona kule ndawo, kukhona usisi nengane encane, okubikwa ukuthi bashe bangqongqa ngenxa yomlilo.

Lomlilo uze wakapakela nakweminye imijondolo eseduze, nayo evele yasha yangqongqa.

Amalungu alomphakathi amaningi asale ngezimpahla abezigqokile. Kunxuswa labo abangalekelela ukuthi beze balule isandla ngoba sibi isimo kuleya ndawo kanti iningi alazi nokuthi lizothathani lihlanganise nani.

Lesi isimo sesithanda ukujwayela kuKennedy Road.Ike yasha imijondolo esikhathini esedlule, lapho kwasolakala ukuxhunywa kwagesi ngendlela okungesiyona lokhu okubizwa ngezinyokanyoka.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose