News Avenue
News / Izindaba

KUFE (5) WABASOLWA BEDUBULANA NAMAPHOYISA ENANDA

KUFE (5) WABASOLWA BEDUBULANA NAMAPHOYISA ENANDA
Amaphoyisa atholane phezulu nabasolwa eNanda, kwaphetha ngokuthi bafe bonke abasolwa.

 Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Robert Netshiunda usiqinisekisile lesi sigameko.

Uthe besekunesikhathi bethungatha lezi zigila mkhuba. 

"Laba bebesolwa ngokubulala abantu bephinde babaqole. Empeleni bebehlukumeza umphakathi. Amanye amalungu omphakathi asazisile ukuthi bakhona futhi bakuphi," kuchaza uNetshiunda.

Uthe amaphoyisa anikele khona, laba basolwa bavele bavulela ngenhlamvu, aphendulile amaphoyisa, kwafa abahlanu ohlangothini labasolwa. "Amaphoyisa athole izibhamu, ezisazohlolwa ukuthi zike zambandakanyeka yini kobunye ubugebengu. Amaphoyisa asazobheka ezinye izigebengu kule ndawo yaseNanda,"kuphetha uNetshiunda.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose