News Avenue
News / Izindaba

KUDUKE UMSHAYELI KUSHONA ABANGU-5 KU-N2

KUDUKE UMSHAYELI KUSHONA ABANGU-5 KU-N2
LINDOKUHLE NGCOBO 

AKAKATHOLAKALI umshayeli weloli likamoba eshayisane nemoto encane kwashona abantu abangu-5. I-News Avenue ibikile ngale ngozi eyenzeke namuhla, emgwaqeni uN2 ngaseMatikulu uma uya ngaseToll Plaza eseDokodweni.

Okwamanje akukaqondakali ukuthi umshayeli ungaphansi kweloli noma ubalekile endaweni okwenzeke kuyo le ngozi.

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma uveze ukuthi ithimba loMnyango namaphoyisa basendaweni yesigameko ukuphenya ngembangela yale ngozi. 

"Okwamanje umbiko esisawutholile, ukuthi iloli lishayise imoto encane layikhipha ngaphandle komgwaqo. Iloli libe seligingqika lagaya imoto yaba izingcezu. Kushone abantu abangu-5 endaweni yesigameko izidumbu zabo sezithathiwe zayiswa amakhazen. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe nezihlobo  zayo," kubeka uDuma.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose