News Avenue
News / Izindaba

KUDLULE EMHLABENI ABAWU-10 ENGOZINI YEBHASI

KUDLULE EMHLABENI ABAWU-10 ENGOZINI YEBHASI
LINDOKUHLE NGCOBO 

Bayishumi abantu abashonile engozini yebhasi eyenzeke ku-N1, eduze kwaseTrompsburg esifundazweni iFree State. Lokhu kuqinisekiswe uMnyango wezeMpilo eFree State namhlanje, ngemuva kokuhlolisisa isimo
 lapho.

Le ngozi yenzeke izolo, emva lwalokho  kumenyezelwe ukuthi kushone abantu abayishumi nambili. UMnyango uthi lokhu kudalwe ukuthi ezinye izicucu zemizimba bezibhalwe kabili ngesikhathi kuhlukaniswa abasindile nabashonile kule ngozi. 

Ibhasi selikhishiwe emhosheni futhi selibuyuselwe amasondo alo.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose