News Avenue
News / Izindaba

KUCELWA UMPHAKATHI ULEKELELE UKUZE KUTHOLAKALE UMSOLWA

KUCELWA UMPHAKATHI ULEKELELE UKUZE KUTHOLAKALE UMSOLWA

AMAPHOYISA KwaZulu-Natal(29) anxusa umphakathi ukuthi usize kutholakale owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala, osolwa ngokuzama ukubulala umshana(9)wakhe (umsolwa). 

Lesi sigameko senzeke endaweni yasePhola eChesterville mhlaka 4 January 2024. Lapho kusolakala ukuthi umsolwa uSiduduzo Mavundla waklinya isisulu ngaphambi kokuthi asigwaze ngommese ebusweni amahlandla amaningi. 

Okhulumela amaphoyisa eKZN uColonel Robert Netshiunda uthi umsolwa washiya umgilwa ehlathini. Wadalula ukuthi emva kwesikhashana isisulu sakwazi umsolwa uSiduduzo wayesehambe nomama ukuphaphama satotobela emgwaqeni oseduze, nokuyilapho sathola khona usizo kwababedlula ngendlela.

 "Bamuphuthumisa emtholampilo. Ngaleso sikhathi  wesisulu ukuyobika emaphoyiseni aseCato Manor ukuthi umfanyana ulahlekile.  Emva kophenyo uSiduduzo waboshwa nokho wathola ibheyili wabe esenyamalala. Incwadi yokuboshwa kwakhe iphume ngoSeptember 2024," kubeka uNetshiunda. 

Kucelwa noma ubani ongabanolwazi ngomkhondo wakhe(UMavundla) ukuba athinte umphenyi wecala uCaptain Ndlovu ku 082 411 5609 noma ashayele inombolo yamahhala yokunqanda ubugebengu okungu-0860010111.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose