KUCELWA ABAFUNDI BABE SESIKOLENI NGESIKHATHI SOKUFUNDA
Namuhla abomthetho bathole abafundi bamantombazane ababili abeminyaka engu 14 ubudala, behamba begqoke umfaniswano wesikole. Lesi sehlo silandela esenzeke ngoLwesihlanu lapho kutholakale abanye abafundi bamantombazane ababili abeminyaka engu 14 ubudala. Amaphoyisa athathe abafundi abalovayo abayisa ezikoleni zabo.
"Sinokukhathazeka okukhulu ngokuphepha kwabafundi, njengoba sihlale siqaphe izikole ukulwa nalolu hlobo lokulova," ngokusho kwesitatimende samaphoyisa eTheku.