News Avenue
News / Izindaba

KUBUYE ITHEMBA KONDLUNKULU BENOMHLANGANO NOMASIPALA

KUBUYE ITHEMBA KONDLUNKULU BENOMHLANGANO NOMASIPALA
LINDOKUHLE NGCOBO 

KULINDELEKE ukuthi uthele izithelo ezinhle umhlangano obuphakathi koNdlunkulu baMakhosi aseNkandla noMasipala waseNkandla oholwa uMeya uKhansela Nonhlanhla Nzuza. 

Ekhuluma kulo mhlangano e-Aloe Lifestyle Hotel, eShowe izolo uNdlunkulu uSizakele MaSithole Biyela eMahlayizeni, uveze ukuthi phambili bake bahlangana bengoNdlunkulu babanekomidi elenza uhlelo lokuqala ibhizinisi kepha ngenxa yokuswela uxhaso bagcine bephelelwe amandla. 

"Namhlanje liyabuya lelo themba ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Sekusele kithi boNdlunkulu ukuthi sizihlele ngendlela efanele. Usebekile uMeya (Ukhansela Nzuza) ukuthi ufisa nathi sithuthuke, uma sesithuthukile nathi nemiphakathi yethu ithuthuke," kubeka uNdlunkulu Biyela.

UMeya waseNkandla uthe ujabula ngoba kunoNdlunkulu abanamabhizinisi abawaqhubayo ezindaweni zaMakhosi. 

"Sifisa ukuthi oNdlunkulu bacobelele nabanye abantu besifazane ngolwazi ngoba inyanga(August) yethu lena. Ukuze umuntu wesifazane osemuva angasali emuva ngoba ethi akazi ukuthi yena uzokwenzani. Siyakuqonda futhi ngeke sikhohlisane ukuthi amathuba omsebenzi awekho kodwa ukuzakha nokuzenzela lapho ukhona kumele uvelele," kubeka uNzuza.

"Ezindaweni zaMakhosi kunemihlaba emikhulu esifisayo ukuthi oNdlunkulu basho ukuthi umhlaba ukhona, Masipala nawe sondela nezinsiza ukuze abesifazane bazithuthukise ngokulima," kuchaza uNzuza.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose