News Avenue
News / Izindaba

KUBOSHWE OWESILISA OSOLWA NGOKUBULALA USOMATEKISI

KUBOSHWE OWESILISA OSOLWA NGOKUBULALA USOMATEKISI
NgoLwesine amaphoyisa ophiko olulwisana nodlame lwasematekisini, abophe uMnuz Qaphelani Nyawose (32)  lokubulawa kukaMnuz Mohammed Abdul Hammid.

UHammid kwakulindeleke ukuthi ahlangane nosomatekisi thizeni owayethembise ukumnika imvume yokusebenza kwetekisi yakhe kweminye yemizila. 

UHammid owayehamba nonkosikazi wakhe ngo 17 July 2025, bahamba beyohlangana nalosomatekisi esitolo sokudla esiseMontclair.

 Ngesikhathi befika ngoBMW wabo oluhlaza, unkosikazi wehla esitolo eyothenga washiya indoda yakhe emotweni. Akuphelanga isikhathi esingakanani kwaqhamuka imoto eyiveni nabalisa abane bavulela ngenhlamvu kumaHammid, wafa ngaleso sikhathi endaweni yesigameko.

 AmaMetro Police ayesebenza kulendawo ayibona imoto yezigilamkhuba ihamba ngendlela esolisayo ayilandela. 

Udaba lwabe seludluliselwa emaphoyiseni aphenya ngodlame lwamatekisi, kwagcina kuboshwe uNyawose Kwa A eMlazi ngoLwesine lomhlaka 28 August, uvele enkantolo ngoLwesihlanu luka 29 August 2025.

Icala lihlehliselwe u 5 September 2025. Kanti amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha abasolwa abathathu abangakotholakali.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose